OSawule noJonathani babebahle, bethandeka ekuphileni kwabo, nasekufeni kwabo abahlukananga; babenejubane kunezinkozi, babenamandla kunezingonyama.
AbAhluleli 14:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 Amadoda omuzi asesithi kuye ngosuku lwesikhombisa lingakatshoni ilanga: Kuyini okumnandi okwedlula uluju? futhi yini enamandla kunengonyama? Wathi kubo: Ukube anilimanga ngenkomo yami, ngabe aniyitholanga imfihlakalo yami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantu bomuzi bathi kuye ngosuku lwesikhombisa, lingakashoni ilanga: “Kuyini okumnandi kunezinyosi? Kuyini okunamandla kunengonyama na?” Wathi kubo: “Uma beningalimanga ngesithokazi sami, ngabe ningayiqandelanga imfumbe yami.” IsiZulu 2020 Amadoda omuzi athi kuye ngosuku lwesikhombisa, lingakashoni ilanga: “Yini emnandi kunoju na? Yini enamandla kunebhubesi na?” Wayesethi kuwo: “Ukuba anilimanga ngesithole sami, ngabe aniyitholanga incazelo yemfumbe yami.” |
OSawule noJonathani babebahle, bethandeka ekuphileni kwabo, nasekufeni kwabo abahlukananga; babenejubane kunezinkozi, babenamandla kunezingonyama.
Ngokuqondene nesimo sobuso bazo, zozine zazinobuso bomuntu nobuso bengonyama ngakwesokunene; zozine zazinobuso benkomo ngakwesokhohlo; zozine zazinobuso bokhozi.
Wakhala inyembezi phambi kwakhe izinsuku eziyisikhombisa, kusedilini labo; ngosuku lwesikhombisa wamtshela, ngokuba wayemlimazile; wayitshela abantwana babantu bakubo imfihlakalo.
UMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe, wehlela e-Ashikeloni, wabulala kubo abantu abangamashumi amathathu, wathatha impango yabo, wanika abachaza imfihlakalo izingubo. Intukuthelo yakhe yavutha, wakhuphukela endlini kayise.