Ngizambusisa njalo ngikunike indodana evela kuye; yebo, ngiyakumbusisa, abe ngunina wezizwe; amakhosi ezizwe ayophuma kuyo.
AbAhluleli 13:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka-ke, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana. IsiZulu 2020 Ingelosi kaSimakade yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Nanxa uyinyumba, ungakaze uzale bantwana, uzakukhulelwa, uzale indodana. |
Ngizambusisa njalo ngikunike indodana evela kuye; yebo, ngiyakumbusisa, abe ngunina wezizwe; amakhosi ezizwe ayophuma kuyo.
Wathi: “Impela ngiyakubuyela kuwe ngesikhathi sokuphila; bheka, umkakho uSara uzakuba nendodana. USara wezwa ngasemnyango wetende elingasemva kwakhe.
Kukhona okunzima yini eNkosini? Ngesikhathi esimisiwe ngizabuyela kuwe, ngesikhathi sokuphila, njalo uSara uzakuba lendodana.
Wathi: “Ngalesi sikhathi, ngokwesikhathi sokuphila, uyobe ugone umfana. Wathi: “Qha, nkosi yami, muntu kaNkulunkulu, ungaqambi amanga encekwini yakho;
Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba ukukhuleka kwakho kuzwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane.
Owesifazane washesha wagijima, wabikela umyeni wakhe, wathi kuye: “Bheka, ubonakale kimi lowo muntu obeze kimi ngolunye usuku.”
UManowa wayesethi engelosini kaJehova: “Asikubambe, size sikulungisele izinyane lembuzi.”
Owesifazane wayesefika, watshela indoda yakhe, wathi: “Kufike kimi umuntu kaNkulunkulu, ubuso bakhe bunjengobuso bengelosi kaNkulunkulu, besabeka kakhulu; kepha angimbuzanga ukuthi uvelaphi, akangitshelanga negama lakhe.
UManowa wamncenga uJehova, wathi: “Nkosi, ake umuntu kaNkulunkulu omthumileyo abuyele kithi, asifundise okufanele sikwenze kumntwana oza kuzalwa.
Ingelosi kaJehova yenyuka isuka eGiligali, yaya eBogimi, yathi: “Nganikhuphula eGibithe, nganingenisa ezweni engalifungela oyihlo; ngathi: Angisoze ngaphula isivumelwano sami nani.
UJehova wambheka, wathi: “Hamba ngalawa mandla akho, futhi uzokhulula u-Israyeli esandleni sakwaMidiyani.” Angikuthumanga yini?
Kwathi lapho sesifikile isikhathi uHana akhulelwa ngaso, wazala indodana, wayiqamba ngokuthi uSamuweli, wathi: “Ngokuba ngamcela kuJehova.”