Kepha bathi: “Asiyikuphuza iwayini, ngokuba uJonadaba indodana kaRekabi ubaba wethu wasiyala, wathi: “Aniyikuphuza iwayini kuze kube phakade, nina namadodana enu.”
AbAhluleli 13:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Angadli lutho oluphuma emvinini, angaphuzi wayini nophuzo oludakayo, adle noma yini engcolileyo; konke engimyale ngakho, makakugcine. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kangadli lutho oluvela ezithelweni zomvini, kangaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, kangadli lutho olungcolileyo; konke engamyaleza ngakho kakugcine.” IsiZulu 2020 Akayukudla lutho oluvela esithelweni somvini, akayukuphuza wayini noma uphuzo olunamandla, futhi akayukukudla okungcolileyo. Makakugcine konke engimyale ngakho.” |
Kepha bathi: “Asiyikuphuza iwayini, ngokuba uJonadaba indodana kaRekabi ubaba wethu wasiyala, wathi: “Aniyikuphuza iwayini kuze kube phakade, nina namadodana enu.”
Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi kibo: Nxa indoda kumbe owesifazana ezahlukanisa ukwenza isithembiso somNaziri, ukuzahlukanisela eNkosini;
Zonke izinsuku zokuzehlukanisela kwakhe makangadli lutho olwenziwe emvinini, kusukela embewu kuze kube sezikhumbani.
nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.
Kepha siyethemba eNkosini ngani, ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakwenza, niyakukwenza.
Ngakho-ke qaphela, ungaphuzi iwayini noma uphuzo oludakayo, futhi ungadli noma yini engcolile.
Kodwa wathi kimi: Khangela, uzakhulelwa, uzale indodana; manje ungaphuzi wayini nasiphuzo esinamandla, ungadli lutho olungcolileyo; ngoba umfana uzakuba ngumNazaretha kaNkulunkulu kusukela esizalweni kuze kube lusuku lokufa kwakhe.