Wena owagcina encekwini yakho ubaba uDavide lokho owakuthembisa kuye; futhi wakhuluma ngomlomo wakho wakugcwalisa ngesandla sakho njengoba kunjalo namuhla.
AbAhluleli 13:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 UManowa wasukuma walandela umkakhe, wafika kulowo muntu, wathi kuye: “Wena ungumuntu owakhuluma nowesifazane na?” Wathi: “Nginguye.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE UManowa wasukuma wamlandela umkakhe, wafika kulowo muntu, wathi kuye: “Wena ungumuntu lowo owakhuluma kowesifazane na?” Wathi: “Nginguye.” IsiZulu 2020 UManowa wasukuma walandela umkakhe, wafika kulowo muntu, wathi kuye: “Ngabe uyilowo muntu owakhuluma kulo wesifazane, na?” Wathi: “Yebo, nginguye.” |
Wena owagcina encekwini yakho ubaba uDavide lokho owakuthembisa kuye; futhi wakhuluma ngomlomo wakho wakugcwalisa ngesandla sakho njengoba kunjalo namuhla.
UJoshuwa wayeseJeriko, waphakamisa amehlo akhe, wabheka, bheka, nanto indoda imi maqondana naye iphethe inkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; uJoshuwa waya kuye, wathi kuye: “Ungowethu noma ungowezitha zethu na?
UManowa wayesethi: “Manje amazwi enu agcwaliseke.” Sizoyala kanjani umntwana, futhi sizomenzani?
UManowa wamncenga uJehova, wathi: “Nkosi, ake umuntu kaNkulunkulu omthumileyo abuyele kithi, asifundise okufanele sikwenze kumntwana oza kuzalwa.