AbAhluleli 10:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Emva kuka-Abimeleki kwasukuma uThola indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakare, ukuba avikele u-Israyeli; wahlala eSamiri ezintabeni zakwa-Efrayimi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Emva kuka-Abimeleki kwavela uThola indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakare, ukuba asindise u-Israyeli; wayehlala eShamiri ezintabeni zakwa-Efrayimi. IsiZulu 2020 Emva kuka-Abhimelekhi kwavela uThola, indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakhare ukuba akhulule u-Israyeli, owayehlala eShamiri kwelezintaba kwa-Efrayimi. |
Wahola u-Israyeli iminyaka engamashumi amabili nantathu, wafa, wembelwa eSamiri.
Esefikile wabetha icilongo ezintabeni zakwa-Efrayimi, abantwana bakwa-Israyeli behla naye entabeni, yena waphuma phambi kwabo.
Lapho abantwana bakwa-Israyeli bembiza uJehova, uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabakhulula, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umfowabo omncane kaKalebi.
Futhi bonke ububi babantu baseShekemi uNkulunkulu wabubuyisela phezu kwamakhanda abo, futhi isiqalekiso sikaJothamu, indodana kaJerubali, sehlela phezu kwabo.