Kwaba khona ukuxabana phakathi kwabelusi bezinkomo zika-Abrama nabelusi bemfuyo kaLoti; kwase behlala ezweni amaKhanani namaPherizi.
AbAhluleli 1:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bamfumana u-Adoni-bezeki eBezeki, balwa naye, babulala amaKhanani namaPherizi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE EBezeki bafumana u-Adoni Bezeki, balwa naye, bawabulala amaKhanani namaPherizi. IsiZulu 2020 Bazithela phezu kuka-Adoni Bhezekhi, eBhezekhi, balwa naye, bawabulala amaKhanani namaPherizi. |
Kwaba khona ukuxabana phakathi kwabelusi bezinkomo zika-Abrama nabelusi bemfuyo kaLoti; kwase behlala ezweni amaKhanani namaPherizi.
Wakhuphuka uJuda; uJehova wanikela amaKhanani namaPherizi esandleni sabo, babulala kubo abantu abayizinkulungwane eziyishumi eBezeki.
Kepha u-Adoni-bezeki wabaleka; bamxosha, bambamba, bamnquma izithupha namazwane akhe.
Abantwana bakwa-Israyeli bahlala phakathi kwamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.
Wababala eBezeki, abantwana bakwa-Israyeli babe yizinkulungwane ezingamakhulu amathathu, namadoda akwaJuda ayeyizinkulungwane ezingamashumi amathathu.