Ngasohlangothini lwasempumalanga, ngasekuphumeni kwelanga, bayakumisa ibhanela lekamu lakwaJuda ngamabandla abo; uNaheshoni indodana ka-Aminadaba uyakuba ngumbusi phezu kwabantwana bakwaJuda.
AbAhluleli 1:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wayesethi uJehova: “UJuda uyakukhuphuka; bheka, ngiyakunikela izwe esandleni sakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wathi: “Kuyakukhuphuka uJuda; bheka, ngilinikele izwe esandleni sakhe.” IsiZulu 2020 USimakade wathi: “NguJuda ozokwenyuka. Bheka, izwe ngilinikele esandleni sakhe.” |
Ngasohlangothini lwasempumalanga, ngasekuphumeni kwelanga, bayakumisa ibhanela lekamu lakwaJuda ngamabandla abo; uNaheshoni indodana ka-Aminadaba uyakuba ngumbusi phezu kwabantwana bakwaJuda.
Owanikela ngomhlatshelo wakhe ngosuku lokuqala kwakunguNahesoni indodana ka-Aminadaba wesizwe sakwaJuda.
Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu yavela kwaJuda; isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi.
Bathi kuJoshuwa: “Impela uJehova unikele lonke izwe esandleni sethu; ngokuba bonke abakhileyo ezweni bayabhubha ngenxa yethu.
Omunye wamalunga wathi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo eziyisikhombisa.
UJuda wasesithi kumfowabo uSimeyoni: Yenyuka lami esabelweni sami, silwe lamaKhanani; futhi nami ngizohamba nawe esimisweni sakho. USimeyoni wayesehamba naye.
Abantwana bakwa-Israyeli basebezilungisa, bakhuphukela endlini kaNkulunkulu, bacela iseluleko kuNkulunkulu, bathi: “Ngumuphi kithi ozokhuphukela kuqala ukulwa nabantwana bakwaBenjamini na?” UJehova wathi: “UJuda makakhuphuke kuqala.”
UFinehasi, indodana ka-Eleyazare, indodana ka-Aroni, wema phambi kwakhe ngalezo zinsuku, wathi: “Ngiphinde ngiphume ukulwa nabantwana bakwaBhenjamini, umfowethu, noma ngiyeke?” Wayesethi uJehova: “Yenyuka; ngoba kusasa ngizawanikela esandleni sakho.