Bathi: “Hambani, sizakhele umuzi nombhoshongo osiqongo sawo singafika ezulwini; masizenzele igama, funa sihlakazeke emhlabeni wonke.
2 Samuweli 8:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide wazenzela igama ekubuyeni kwakhe ekubulaleni ama-Aramu esiGodini Sikasawoti, abantu abayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wazenzela igama ekubuyeni kwakhe esebulele ama-Aramu ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili esiGodini sikaSawoti. IsiZulu 2020 UDavide wayesezenzele igama ekubuyeni kwakhe, wayesebulele ama-Aramu ayizi-18 000 eSigodini Sikasawoti. |
Bathi: “Hambani, sizakhele umuzi nombhoshongo osiqongo sawo singafika ezulwini; masizenzele igama, funa sihlakazeke emhlabeni wonke.
Nganginawe nomaphi lapho uya khona, ngachitha zonke izitha zakho phambi kwakho, ngakwenzela igama elikhulu njengegama labakhulu emhlabeni.
Kwathi lapho uDavide ese-Edomi, uJowabe induna yempi wenyuka ukuyombela ababuleweyo, esebulele bonke abesilisa kwa-Edomi;
Wabulala abakwa-Edomi abayizinkulungwane eziyishumi esiGodini Sikasawoti, wathumba iSela empini, walibiza ngokuthi iJokiteyeli kuze kube namuhla.
U-Abishayi indodana kaSeruya wakwa-Edomi esiGodini sikaSawoti wabulala izinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili.
U-Amasiya wamqinisa, wahola abantu bakhe, waya eSigodini Sikasawoti, wabulala abantwana bakwaSeyiri abayizinkulungwane eziyishumi.
Kumholi wokuhlabelela eShushaneduti, uMikitamu kaDavide, ukuba afundise, lapho ebambana ne-Aramuna-Haraimi ne-Aramusoba, ekubuyeni kukaJowabe, wabulala kwa-Edomi esiGodini Sikasawoti abayizinkulungwane eziyishumi nambili. O Nkulunkulu, usilahlile! Wasihlakaza, Wathukuthela; O Ziphendulele kithi futhi.