Kwathi inkosi ihlezi endlini yayo, uJehova wayinika ukuphumula ezitheni zayo zonke;
2 Samuweli 7:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kusukela kulesosikhathi engalaya ngaso ukuthi babe ngabahluleli phezu kwabantu bami uIsrayeli, nganiphumuza kuzo zonke izitha zakho. UJehova futhi uyakutshela ukuthi uzokwenzela indlu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kusukela osukwini engayaleza ngalo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli, ngikuphumuze ezitheni zakho zonke. Futhi uJehova uyakutshela ukuthi uJehova uyakukwenzela wena indlu. IsiZulu 2020 kusukela osukwini engabeka ngalo abehluleli ukuba babuse abantu bami u-Israyeli, ngiyokuphumuza ezitheni zakho zonke. USimakade uyakutshela ukuthi, Yena uqobo, uyakukwenzela wena indlu. |
Kwathi inkosi ihlezi endlini yayo, uJehova wayinika ukuphumula ezitheni zayo zonke;
Kwakusekuncane emehlweni akho, Nkosi Jehova; kodwa wakhuluma okwesikhathi eside ngendlu yenceku yakho. Futhi le yindlela yomuntu, Nkosi Jehova?
Ngokuba wena Jehova Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, ukwambulile lokhu encekwini yakho ngokuthi: ‘Ngiyakukwakhela indlu; ngalokho inceku yakho ifumene enhliziyweni yayo ukukhuleka lo mkhuleko kuwe.
Uma ulalela konke engikuyala ngakho, uhambe ezindleleni zami, wenze okulungile emehlweni ami, ugcine izimiso zami nemiyalo yami, njengalokho enzile uDavide inceku yami; ngiyakuba nawe, ngikwakhele indlu eqinile, njengalokho ngakwakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli.
Manje, kuphila kukaJehova ongiqinisileyo, wangihlalisa esihlalweni sobukhosi sikababa uDavide, wangenzela indlu njengokuthembisa kwakhe, namuhla u-Adoniya uyakubulawa.
Kusukela kulesosikhathi engalaya ngaso ukuthi kube labahluleli phezu kwabantu bami uIsrayeli. Futhi ngizozithobisa zonke izitha zakho. Futhi ngiyakutshela ukuthi uJehova uzakukwakhela indlu.
Nguye ozakwakhela ibizo lami indlu; yena uyakuba yindodana Kimi, mina ngibe nguyise wayo; ngiyakumisa isihlalo sobukhosi sombuso wakhe phezu kuka-Israyeli kuze kube phakade.
Uma ethula, ubani ongabanga inkathazo na? uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? noma kwenziwa esizweni noma kumuntu yedwa;
IsiHlabelelo SeziHlabelelo. Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engawulindi umuzi, umlindi uphaphamela ize.
Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, aphule umkhonto; inqola uyishisa ngomlilo.
Wonke owesifazane ohlakaniphileyo uyakha indlu yakhe, kepha oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.
abathi ngokholo banqoba imibuso, benza ukulunga, bazuza izithembiso, bavala imilomo yezingonyama;
Ngiyakuzivusela umpristi othembekileyo oyakwenza njengokusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinile; futhi uyohamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade.
Xolela isiphambeko senceku yakho, ngokuba uJehova uyakuyenzela inkosi yami indlu; ngokuba inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova, akufunyanwanga okubi kuwe zonke izinsuku zakho.