Bafika esibuyeni sase-Athadi esingaphesheya kweJordani, bakhala khona ngesililo esikhulu nesinzima kakhulu; wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.
2 Samuweli 6:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho befika esibuyeni sikaNagoni, u-Uza welulela isandla sakhe emphongolweni kaNkulunkulu, wawuthatha; ngoba izinkabi zayinyakazisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ekufikeni kwabo esibuyeni sikaNakoni u-Uza welulela isandla emphongolweni kaNkulunkulu, wawubamba, ngokuba izinkabi zashelela. IsiZulu 2020 Lapho befika esibuyeni sikaNakhoni, u-Uza welulela isandla emphongolweni kaNkulunkulu, wawubamba, ngokuba izinkabi zashelela. |
Bafika esibuyeni sase-Athadi esingaphesheya kweJordani, bakhala khona ngesililo esikhulu nesinzima kakhulu; wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.
Lapho befika esibuyeni sikaKidoni, u-Uza welula isandla sakhe ukubamba umphongolo; ngoba izinkabi zakhubeka.
Lapho u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukumboza indlu engcwele nazo zonke izinto zendlu engcwele lapho ikamu kumelwe lisuke; emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukulithwala; kodwa akumelwe bathinte lutho olungcwele, funa bafe. Lezi zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.