Ngakunika indlu yenkosi yakho nabafazi benkosi yakho esifubeni sakho, ngakunika indlu yakwa-Israyeli noJuda; uma bekukuncane kakhulu, bengiyakukunika okunye nokunye.
2 Samuweli 5:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 EHebroni wabusa phezu kukaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu phezu kuka-Israyeli wonke noJuda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE EHebroni wabusa kwaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu kwa-Israyeli wonke nakwaJuda. IsiZulu 2020 Wabusa uJuda eHebhroni iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. Wabusa u-Israyeli noJuda wonke iminyaka engama-33 eJerusalema. |
Ngakunika indlu yenkosi yakho nabafazi benkosi yakho esifubeni sakho, ngakunika indlu yakwa-Israyeli noJuda; uma bekukuncane kakhulu, bengiyakukunika okunye nokunye.
Isikhathi uDavide abusa ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.
Amadoda akwaJuda afika amgcoba lapho uDavide abe yinkosi phezu kwendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide, bathi: “Ngamadoda aseJabeshi eGileyadi ammbela uSawule.”
Izinsuku uDavide abusa ngazo phezu kuka-Israyeli zaziyiminyaka engamashumi amane: iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebroni, futhi iminyaka engamashumi amathathu nantathu wabusa eJerusalema.
Ngalokho onke amalunga akwa-Israyeli eza enkosini eHebroni; uDavide wenza isivumelwano nabo eHebroni phambi kukaJehova; bamgcoba uDavide abe yinkosi phezu kuka-Israyeli njengezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.
Isikhathi abusa ngaso phezu kuka-Israyeli sasiyiminyaka engamashumi amane; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebroni, futhi wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu eJerusalema.
Laba abayisithupha wabazalelwa eHebroni; wabusa khona iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha, eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu.