2 Samuweli 5:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide wathatha ezinye izancinza nabesifazane eJerusalema ngemva kokufika kwakhe evela eHebroni, uDavide wazalelwa amadodana namadodakazi amaningi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wazithathela ezinye izancinza nabafazi eJerusalema, esefikile evela eHebroni; uDavide wayesazalelwa amadodana namadodakazi. IsiZulu 2020 UDavide wabuye wazithathela ezinye izancinza nabafazi eJerusalema, ngesikhathi esefikile khona evela eHebhroni. Bamzalela uDavide amadodana namadodakazi. |
UDavida wasebona ukuthi uJehova wayemmisile ukuthi abe yinkosi phezu kukaIsrayeli lokuthi wawuphakamisile umbuso wakhe ngenxa yabantu bakhe uIsrayeli.
Wayenabafazi abangamakhulu ayisikhombisa, amakhosazana, nezancinza ezingamakhulu amathathu; omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe.
Lawa angamadodana kaDavide azalelwa wona eHebroni; izibulo ngu-Amnoni ku-Ahinohama waseJizreyeli; owesibili uDaniyeli ku-Abigayili waseKarmeli;
Bonke labo babe ngamadodana kaDavide, ngaphandle kwamadodana ezancinza, noTamari udadewabo.
Kodwa u-Abiya waba namandla, wathatha abafazi abayishumi nane, wazala amadodana angamashumi amabili nambili namadodakazi ayishumi nesithupha.
Futhi makangazandiseli abafazi, funa inhliziyo yakhe iphambuke; futhi ngeke azandisele kakhulu isiliva negolide.
UDavide wathatha no-Ahinohama waseJizreyeli; futhi babe ngabafazi bakhe bobabili.