Wathobisa inhliziyo yamadoda onke akwaJuda njengenhliziyo yamuntu munye; bathuma leli zwi enkosini, bathi: “Buya, wena nezinceku zakho zonke.”
2 Samuweli 3:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 UAbhineri wasethuma izithunywa kuDavida esikhundleni sakhe ukuthi: Ngelikabani ilizwe? futhi uthi: Yenza isivumelwano sakho nami; futhi bheka, isandla sami siyakuba nawe ukuletha wonke u-Israyeli kuwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abineri wayesethuma izithunywa kuDavide esikhundleni sakhe ngokuthi: “Ngelikabani izwe na?” ethi futhi: “Yenza isivumelwano nami; bheka, isandla sami siyakuba nawe ukubuyisela kuwe wonke u-Israyeli.” IsiZulu 2020 U-Abhineri wathumela izithunywa esikhundleni sakhe kuDavide, zayothi kuye: “Ngelikabani leli lizwe na? Yenza isivumelwano nami; bheka, isandla sami siyakuba nawe ukuba ngimlethe kuwe wonke u-Israyeli.” |
Wathobisa inhliziyo yamadoda onke akwaJuda njengenhliziyo yamuntu munye; bathuma leli zwi enkosini, bathi: “Buya, wena nezinceku zakho zonke.”
Bheka, bonke abantu bakwa-Israyeli beza enkosini, bathi enkosini: “Abafowethu, abantu bakwaJuda, bakwebeleni, bawelisa inkosi nendlu yayo yonke iJordani kanye nawo wonke amadoda kaDavide na?
Ngokuthanda izitha zakho nangokuzonda abangane bakho. Ngokuba umemezele namuhla ukuthi awuzinaki izikhulu nezinceku; ngoba namuhla ngiyabona ukuthi uma u-Abisalomu ebesaphila, futhi besifile sonke namuhla, ngabe kukuhle kuwe.
Wathi: “Kuhle; Ngizokwenza isivumelwano nawe, kodwa yinye into engiyibiza kuwe, okungukuthi: Ngeke ububone ubuso bami, uma uletha kuqala uMikhali indodakazi kaSawule, lapho uzobona ubuso bami.
U-Abineri wayesethi kuDavide: “Ngiyakusuka, ngihambe ngibuthele wonke u-Israyeli enkosini yami, inkosi, benze isivumelwano nawe, ubuse phezu kwakho konke okufiswa yinhliziyo yakho. UDavide wammukisa u-Abineri; wahamba ngokuthula.
U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamthathela eceleni esangweni ukuba akhulume naye ngasese, wamgwaza lapho esiswini, wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.
Inkosi yasisithi ezincekwini zayo: Kalazi yini ukuthi lamuhla kuwile isikhulu lendoda enkulu kwaIsrayeli?