Bafika enqabeni yaseTire nasemizini yonke yamaHivi namaKhanani, baphumela eningizimu yakwaJuda naseBeri Sheba.
2 Samuweli 24:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Sebedabule izwe lonke, bafika eJerusalema ekupheleni kwezinyanga eziyisishiyagalolunye nezinsuku ezingamashumi amabili. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sebedabule izwe lonke bafika eJerusalema ngasekupheleni kwezinyanga eziyisishiyagalolunye nezinsuku ezingamashumi amabili. IsiZulu 2020 Sebelihambe lonke izwe, baze bafika eJerusalema sekuphele izinyanga eziyisishiyagalolunye nezinsuku ezingama-20. |
Bafika enqabeni yaseTire nasemizini yonke yamaHivi namaKhanani, baphumela eningizimu yakwaJuda naseBeri Sheba.
UJowabe wayinika inkosi umumo wokubalwa kwabantu; kwakukhona kwa-Israyeli amadoda anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisishiyagalombili ahloma inkemba; amadoda akwaJuda ayengamadoda ayizinkulungwane ezingamakhulu amahlanu.