Kepha izwi lenkosi lamahlula uJowabe nezinduna zempi. UJowabe nezinduna zempi basuka enkosini ukubala abantu bakwa-Israyeli.
2 Samuweli 24:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bawela iJordani, bamisa e-Aroweri ngakwesokunene komuzi ophakathi nomfula uGadi naseJazeri. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bawela iJordani, bamisa e-Aroweri ngakwesokunene komuzi ophakathi nesigodi sakwaGadi ngaseJazeri; IsiZulu 2020 Bawela iJordani, bakanisa e-Aroweri ngakwesokunene somuzi ophakathi nomhosha wakwaGadi, ngaseJazeri. |
Kepha izwi lenkosi lamahlula uJowabe nezinduna zempi. UJowabe nezinduna zempi basuka enkosini ukubala abantu bakwa-Israyeli.
Imizi yase-Aroweri iyihlane; ayoba ngeyezimvu ezibuthisayo, futhi akukho muntu oyoyethusa.
UMose wathuma ukuhlola iJazeri, bathatha imizi yalo, bawaxosha ama-Amori abekhona.
Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenezinkomo eziningi kakhulu; lapho bebona izwe laseJazeri nezwe lakwaGileyadi, indawo leyo yayiyindawo yezinkomo;
i-Ataroti, neDiboni, neJazeri, neNimra, neHeshiboni, ne-Elale, neSebam, neNebo, neBeyoni;
Kusukela e-Aroweri eliseceleni komfula i-Arinoni, nokusukela emzini oseceleni komfula kuze kufike kwaGileyadi, akubangakho umuzi owawunamandla kunathi; uJehova uNkulunkulu wethu usinike konke.
Umkhawulo wabo wasukela e-Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni, nomuzi ophakathi nomfula, nethafa lonke eMedeba;
Umkhawulo wabo wawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nenxenye yezwe labantwana bakwa-Amoni, kuze kufike e-Aroweri ephambi kweRaba;
kusukela e-Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni, nomuzi ophakathi nomfula, nethafa lonke kusukela eMedeba kuze kube seDiboni;