UJehova wathuma uNathani kuDavide. Wafika kuye, wathi kuye: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye; omunye ecebile, omunye empofu.
2 Samuweli 24:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide esevuka ekuseni, izwi likaJehova lafika kuGadi umprofethi, umboni kaDavide, lathi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathi ukuba uDavide avuke ekuseni, kwafika izwi likaJehova kumprofethi uGadi umboni kaDavide lokuthi: IsiZulu 2020 Lapho uDavide evuka ekuseni, kwafika izwi likaSimakade kumphrofethi uGadi, umboni kaDavide, lathi: |
UJehova wathuma uNathani kuDavide. Wafika kuye, wathi kuye: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye; omunye ecebile, omunye empofu.
Hamba uthi kuDavide: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Ngikubekela izinto ezintathu; zikhetheleni enye yazo, ukuze ngiyenze kini.
Bonke babengamadodana kaHemani umboni wenkosi ngamazwi kaNkulunkulu wokuphakamisa uphondo. UNkulunkulu wamnika uHemani amadodana ayishumi nane namadodakazi amathathu.
Ukulandisa kwenkosi uDavide, ezokuqala nezokugcina, bheka, kulotshiwe encwadini kaSamuweli umboni, nasencwadini kaNathani umprofethi, nasencwadini kaGadi umboni,
Wawamisa amaLevi endlini kaJehova ephethe amasimbali, namahabhu nezihabhu, njengesiyalezo sikaDavide noGadi umboni wenkosi noNathani umprofethi; ngokuba kwakunjalo ngomyalo kaJehova ngomyalo wakhe abaprofethi.
Wayesethi umprofethi uGadi kuDavide: “Ungahlali enqabeni yasezintabeni; suka uye ezweni lakwaJuda. UDavide wayesehamba, wafika ehlathini laseHereti.
(Esikhathini sokuqala kwa-Israyeli, lapho umuntu eyobuza kuNkulunkulu, wayethi: “Woza, siye umboni; ngokuba lowo othiwa umprofethi manje wayethiwa uMboni kuqala.)