2 Samuweli 23:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UmThahemoni, owayehlezi esihlalweni sobukhosi, inhloko yezikhulu; kwakungu-Adino, umEsnite; yena waphakamisela umkhonto wakhe phezu kwabangamakhulu ayisishiyagalombili wababulala kanyekanye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UJoshebi Bashebeti waseTahekemoni, inhloko yabathathu; nguyena owaphakamisa umkhonto wakhe, walwa nabantu abangamakhulu ayisishiyagalombili abagwazwa ngasikhathi sinye. IsiZulu 2020 Nanka amagama amaqhawe kaDavide: uJoshebhi Bhashebhethi waseThakhemoni, owayeyinhloko yabathathu. Nguye owaphakamisa umkhonto wakhe, wabulala abantu abangama-800 ngasikhathi sinye. |
Kepha uSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, noNathani umprofethi, noShimeyi, noReyi, namaqhawe kaDavide, babengekho ku-Adoniya.
Laba babe yizinhloko zamaqhawe uDavide ayenazo, aziqinisa naye embusweni wakhe kanye no-Israyeli wonke ukumbeka inkosi njengezwi likaJehova ngo-Israyeli.
Abantwana bakwa-Israyeli ngomumo wabo, izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nababonisi babo abakhonza inkosi kunoma yisiphi isigaba sezigaba, abangena baphume inyanga nenyanga ezinyangeni zonke. Onyakeni, esigabeni ngasinye yayiyizinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Phezu kwesigaba sokuqala ngenyanga yokuqala kwakunguJasobhamu indodana kaSabidiyeli; esigabeni sakhe kukhona abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
UJonathani, uyisekazi kaDavide, wayengumluleki, indoda ehlakaniphileyo nombhali; uJehiyeli indodana kaHagimoni wayenamadodana enkosi.
Wafumana umhlathi wembongolo entsha, welula isandla sakhe, wawuthatha, wabulala ngawo inkulungwane yamadoda.