2 Samuweli 22:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izinhlupheko zesihogo zangizungeza; izingibe zokufa zangivimbezela; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela. IsiZulu 2020 Izintambo zendawo yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa, zangehlela. |
Izinhlungu zokufa zangizungeza, nezinhlungu zaseHayidese zangibamba; Ngathola ukucindezeleka nokudabuka.
Abazidlayo bangifihlele ugibe nezintambo; beneka inetha endleleni; bangifakela igin. Sela.
Umthetho wohlakaniphileyo ungumthombo wokuphila, ukuze kusukwe ezingibeni zokufa.
wathi: “Ngakhala kuJehova ngenxa yokuhlupheka kwami, yangizwa; ngisemathunjini abafileyo ngakhala, wezwa izwi lami.
Lapho nibona iJerusalema lihaqwe amabutho, yazini-ke ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo.
uNkulunkulu amvusayo, esethukululile iminjunju yokufa, ngoba kwakungenzeki ukuthi abanjwe yikho.