USawule wayenesancinza igama lakhe linguRispa indodakazi ka-Aya; u-Ishi Bosheti wathi ku-Abineri: “Ungeneleni nesancinza sikababa na?
2 Samuweli 21:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Inkosi yathatha amadodana amabili kaRispa, indodakazi ka-Aya, awazalela uSawule, o-Armoni noMefibosheti; namadodana ayisihlanu kaMikhali indodakazi kaSawule owawakhulisela ku-Adriyeli indodana kaBarizilayi waseMehola; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha inkosi yathatha amadodana kaRispa indodakazi ka-Aya ayewazalele uSawule, o-Arimoni noMefibosheti; namadodana ayisihlanu kaMikhali indodakazi kaSawule ayewazalele u-Adriyeli indodana kaBarizilayi umMeholati; IsiZulu 2020 Inkosi yathatha amadodana amabili kaRizpha, indodakazi ka-Aya, ayewazalele uSawule: u-Arimoni, noMefibhoshethi namadodana amahlanu kaMikhali, indodakazi kaSawule, ayewazalele u-Adriyeli, indodana kaBharizilayi, umMeholathi. |
USawule wayenesancinza igama lakhe linguRispa indodakazi ka-Aya; u-Ishi Bosheti wathi ku-Abineri: “Ungeneleni nesancinza sikababa na?
Futhi uJehu, indodana kaNimsi, kumelwe umgcobe abe yinkosi phezu kuka-Israyeli; futhi u-Elisa, indodana kaShafati, wase-Abela Mehola, kumelwe umgcobe abe umprofethi esikhundleni sakho.
Amadodana kaSawule ayengoJonathani, noJeshivi, noMelkishuwa; amagama amadodakazi akhe amabili yilawa; igama lezibulo lalinguMerabi, igama lencinyane lalinguMikhali;
Kodwa ngesikhathi uMerabi indodakazi kaSawuli ephiwa uDavida, wanikwa u-Adriyeli umMeholathi abe ngumkakhe.