Inkosi yasibuya, yafika eJordani; UJuda wafika eGiligali ukuyihlangabeza inkosi, ukuwelisa inkosi iJordani.
2 Samuweli 20:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke abantu bakwa-Israyeli benyuka besuka kuDavide, balandela uSheba indodana kaBigi; kepha abantu bakwaJuda banamathela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kube seJerusalema. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bonke abantu bakwa-Israyeli base benyuka bengasamlandeli uDavide, bamlandela uSheba indodana kaBikri; kepha abantu bakwaJuda babambelela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kube seJerusalema. IsiZulu 2020 Bonke abantu bakwa-Israyeli benyuka, ababe besamlandela uDavide, base belandela uSheba, indodana kaBhikhiri. Abantu bakwaJuda babambelela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kufike eJerusalema. |
Inkosi yasibuya, yafika eJordani; UJuda wafika eGiligali ukuyihlangabeza inkosi, ukuwelisa inkosi iJordani.
Kwaba khona umuntu kaBheliyali ogama lakhe linguSheba, indodana kaBigi umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, futhi asinafa endodaneni kaJese.” Yilowo nalowo makaye ematendeni akhe, Israyeli!
Akunjalo, kepha umuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe linguSeba, indodana kaBikri, waphakamisa isandla sakhe emelene nenkosi, emelene noDavide; msindise, ngisuke emzini. Owesifazana wasesithi kuJowabi: Khangela, ikhanda lakhe liphoselwe phezu komduli ngenxa yakho.
UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abayishumi ezancinza zayo eyayibashiyile ukuba balinde indlu, yabafaka esitokisini, yabagcina, kepha ayingenanga nabo. Ngemva kwalokho baboshwa kwaze kwaba usuku lokufa kwabo, kuyilapho bona bengabafelokazi.
Kwathi wonke u-Israyeli esezwile ukuthi uJerobowamu ubuyile, bathumela bambizela ebandleni, bambeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke; akubangakho owalandela indlu kaDavide, kuphela isizwe sakwaJuda sodwa.
Kepha abantwana bakwa-Israyeli ababehlala emizini yakwaJuda uRehobowamu wabusa phezu kwabo.
Ukuqala kokuxabana kunjengokuvulela amanzi; ngakho shiya ingxabano ngaphambi kokuphazamisa.
Owathi efika, esewubonile umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabakhuthaza bonke ukuthi banamathele eNkosini ngokuzimisela kwenhliziyo.