Kwakukhona lapho amadodana amathathu kaSeruya, uJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayelula ezinyaweni zakhe njengemfene.
2 Samuweli 2:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Asaheli wamxosha u-Abineri; ekuhambeni kwakhe, akaphendukanga ku-Abineri ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Asaheli wamxosha u-Abineri; ekuhambeni kwakhe akachezukanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo ekumlandeleni u-Abineri. IsiZulu 2020 U-Asaheli wamhubha u-Abhineri, akaze achezukela kwesokunene noma kwesokhohlo ekumlandeleni. |
Kwakukhona lapho amadodana amathathu kaSeruya, uJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayelula ezinyaweni zakhe njengemfene.
U-Abineri wayesebheka emva kwakhe, wathi: “Wena u-Asaheli na?” Wathi: “Nginguye.”
U-Abineri wayesethi kuye: “Phendukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo sakho, ubambe enye yezinsizwa, uzithathele izikhali zayo.” Kodwa u-Asaheli akazange aphambuke ekumlandeleni.
U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamthathela eceleni esangweni ukuba akhulume naye ngasese, wamgwaza lapho esiswini, wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.
UJowabe nomfowabo u-Abishayi bambulala u-Abineri, ngokuba wayebulele umfowabo u-Asaheli empini eGibeyoni.
Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngezindlela zonke zikaDavide uyise, akaphambukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.
Ungaphendukeli ngakwesokunene noma ngakwesobunxele; susa unyawo lwakho ebubini.
Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, ukuze wenze ngokucophelela ngokomthetho wonke uMose, inceku yami, akuyala ngawo: ungaphambuki kuwo uye kwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.
Yibani nesibindi kakhulu nigcine, nenze konke okulotshwe encwadini yomthetho kaMose, ukuze ningaphambuki kuyo niye kwesokunene noma ngakwesokhohlo;