Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




2 Samuweli 18:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba impi yahlakazeka ezweni lonke, nehlathi ladla abantu abaningi ngalolo suku kunabadliwa yinkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba impi yahlakazeka khona ezweni lonke, ihlathi laqeda abantu abaningi ngalolo suku kunabadliwa yinkemba.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Amabutho empi ahlakazeka agcwala iziganga, ihlathi lawaqeda amaningi, kunalawo adliwa yinkemba ngalolo lusuku.

Uka jalj uñjjattʼäta



2 Samuweli 18:8
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho abantu bakwa-Israyeli babulawa phambi kwezinceku zikaDavide, kwaba khona ukubulawa okukhulu kwamadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ngalolo suku.


U-Abisalomu wahlangana nezinceku zikaDavide. U-Abisalomu wayegibele umnyuzi, umnyuzi wangena ngaphansi kwegatsha eliwugqinsi lomuthi wesopiloni, ikhanda lakhe labamba isihlahla sobululu, waphakanyiselwa phakathi kwezulu nomhlaba; umnyuzi owawungaphansi kwakhe wahamba.


Kepha abanye babalekela e-Afeki emzini; kwawela ugange phezu kwamadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesikhombisa. UBhenihadadi wabaleka, wangena emzini ekamelweni elingaphakathi.


Vuka, Jehova; ngisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba uzishaye zonke izitha zami emhlathini; Uwaphulile amazinyo ababi.


Ngahlulele, Nkulunkulu, ungivikele esizweni esibi; ngikhulule kumuntu onenkohliso nongalungile.


Waphephetha ngomoya wakho, ulwandle lwabasibekela; bacwila emanzini anamandla njengomthofu.


Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi, ungagxambukeli kwabaguqukileyo.


Ngokuba inhlekelele yabo iyakuvela ngokuzumayo; futhi ngubani owazi ukubhujiswa kwabo bobabili?


Kwathi besabaleka phambi kuka-Israyeli besendleleni eya eBeti Horoni, uJehova waphonsa phezu kwabo amatshe amakhulu avela ezulwini kwaze kwaba se-Azeka, bafa; abantwana bakwa-Israyeli babulala ngenkemba.