Izinsizwa eziyishumi ezazimbethe izikhali zikaJowabe zamzungeza, zamshaya u-Abisalomu, zambulala.
2 Samuweli 18:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJowabe wabetha icilongo, abantu babuya emva kuka-Israyeli, ngokuba uJowabe wabavimba abantu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJowabe wayesebetha icilongo, abantu babuya ekumxosheni u-Israyeli, ngokuba uJowabe wabagodla abantu. IsiZulu 2020 UJowabe wayesebetha icilongo, abantu babuya ekuxosheni u-Israyeli, ngokuba uJowabe wababamba abantu. |
Izinsizwa eziyishumi ezazimbethe izikhali zikaJowabe zamzungeza, zamshaya u-Abisalomu, zambulala.
UJowabe wayesevuthela icilongo, bonke abantu bema, ababe besaxosha u-Israyeli, ababe besalwa.
Owesifazana wasesiya ebantwini bonke ngokuhlakanipha kwakhe. Balinquma ikhanda likaSheba, indodana kaBigi, baliphonsa kuJowabe. Wabetha icilongo, basuka emzini, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJowabe wabuyela eJerusalema enkosini.
Ngokuba uma icilongo likhala ngezwi elingaqondakaliyo, ngubani ongazilungisela ukulwa na?
Kwathi amadoda akwa-Israyeli ebona ukuthi u-Abimeleki ufile, aya, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe.