UDavida wasesithi kuye: Igazi lakho liphezu kwekhanda lakho; ngoba umlomo wakho ufakazile ngawe, wathi: Mina ngibulele ogcotshiweyo weNkosi.
2 Samuweli 16:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wabuyisela lonke igazi lendlu kaSawule owabusa esikhundleni sakhe phezu kwakho; uJehova wanikela umbuso esandleni sika-Abisalomu indodana yakho; IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe; uJehova unikele umbuso esandleni sika-Abisalomu indodana yakho; bheka, usubhajiwe ebubini bakho, ngokuba ungumuntu wegazi.” IsiZulu 2020 USimakade ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe. USimakade uwunikele umbuso esandleni sendodana yakho u-Absalomu. Nakhu lapha ukhona, ubhajwe ebubini bakho, ngokuba ungumuntu wegazi.” |
UDavida wasesithi kuye: Igazi lakho liphezu kwekhanda lakho; ngoba umlomo wakho ufakazile ngawe, wathi: Mina ngibulele ogcotshiweyo weNkosi.
Wathi enkosini: “Inkosi yami mayingangibaleli okubi, ungakhumbuli ukuthi inceku yakho yonani ngosuku inkosi yami, inkosi, eyaphuma ngalo eJerusalema, ukuba inkosi ikubeke enhliziyweni.”
Kodwa u-Abishayi indodana kaSeruya waphendula wathi: “UShimeyi akayikubulawa ngalokho, ngokuba waqalekisa ogcotshiweyo weNkosi na?”
Kwase kuba khona indlala emihleni kaDavide iminyaka emithathu, umnyaka ngomnyaka; uDavide wabuza kuJehova. UJehova wathi: “Kungenxa kaSawule nendlu yakhe yamagazi, ngoba wabulala abaseGibeyoni.”
Wabanikela esandleni sabaseGibeyoni, babaphanyeka entabeni phambi kukaJehova; zawa zonke eziyisikhombisa kanyekanye, zabulawa ngezinsuku zokuvuna, ngezinsuku zokuqala, ekuqaleni kwebhali isivuno.
Bheka, unawe uShimeyi indodana kaGera wakwaBenjamini waseBahurimi, owangithuka ngesiqalekiso esibi mhla ngiya eMahanayimi; kepha wehla ukungihlangabeza eJordani, ngafunga kuye uJehova, ngathi: ‘Angiyikukubulala ngenkemba.’
Baningi abathi ngomphefumulo wami: Akakho ukusindiswa kwakhe kuNkulunkulu. Sela.
O bantwana babantu, koze kube nini inkazimulo yami ihlazekile? Koze kube nini nithanda okuyize nifuna inkokhelo na? Sela.
Ngenxa yezwi lesitha, ngenxa yokucindezela kwababi; ngokuba baphonsa ububi phezu kwami, bangizonda ngokufutheka.
Uma ngiphindisele okubi kobenokuthula nami; Yebo, ngimsindisile oyisitha sami ngaphandle kwesizathu.
Njengenyoni ezulazulayo, njengenkonjane indiza, kanjalo isiqalekiso asiyikufika ngaphandle kwesizathu.
Ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, ubanikile igazi ukuba baliphuze; ngoba bafanele.
Ukuze ububi obenziwa kumadodana kaJerubali angamashumi ayisikhombisa bufike, negazi lawo libekwe phezu kuka-Abimeleki umfowabo owawabulalayo; nangabakwaShekemi abamsiza ekubulaleni abafowabo.