UDavide esefike esiqongweni sentaba, lapho akhuleka khona kuNkulunkulu, uHushayi um-Arki wamhlangabeza, enengubo eklebhukile, enothuli ekhanda lakhe.
2 Samuweli 16:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi uHushayi um-Ariki, umngane kaDavide, efika ku-Abisalomu, uHushayi wathi ku-Abisalomu: “Makayisindise inkosi, mayisindise inkosi! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi lapho uHushayi umArki umngane kaDavide esefikile ku-Abisalomu, uHushayi wathi ku-Abisalomu: “Mana njalo, nkosi; mana njalo, nkosi.” IsiZulu 2020 Kwathi nje lapho uHushayi, umArikhi, umngani kaDavide, efika ku-Absalomu, wathi kuye: “Mana njalo, nkosi; mana njalo, nkosi.” |
UDavide esefike esiqongweni sentaba, lapho akhuleka khona kuNkulunkulu, uHushayi um-Arki wamhlangabeza, enengubo eklebhukile, enothuli ekhanda lakhe.
Kepha uma ubuyela emzini, uthi ku-Abisalomu: ‘Ngiyinceku yakho, nkosi; njengalokhu ngangiyinceku kayihlo kuze kube manje, ngiyakuba-yinceku yakho manje; khona-ke ungangehlula isiluleko sika-Ahithofeli.
Ngoba wehlile namuhla wahlaba izinkomo nezinkomo ezikhulupheleyo nezimvu ngobuningi, wabiza wonke amadodana enkosi nezinduna zempi no-Abiyathara umpristi; bheka, bayadla, baphuze phambi kwakhe, bathi: ‘Mayisindise inkosi u-Adoniya!
USadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobe khona abe yinkosi kwa-Israyeli; nishaye icilongo nithi: ‘Mayisindiswe inkosi uSolomoni!
U-Azariya indodana kaNathani wayephezu kwezikhulu, noZabudi indodana kaNathani wayeyinduna enkulu nomngane wenkosi.
Wayikhipha indodana yenkosi, wayifaka umqhele, wayinika ubufakazi; bambeka inkosi, bamgcoba; futhi bashaya izandla bathi: UNkulunkulu makasindise inkosi!
AmaKaledi aseSiriya akhuluma enkosini, wathi: “Nkosi, phila kuze kube phakade; tshela izinceku zakho iphupho, thina siyakwembula incazelo.
Indlovukazi, ngenxa yamazwi enkosi nezikhulu zayo, yangena endlini yedili; indlovukazi yakhuluma yathi: O nkosi, phila phakade;
Laba bongameli nezikhulu babuthana enkosini, bathi kuyo: “Nkosi Dariyu, phila kuze kube phakade!
Izixuku ezazihamba ngaphambili neziyilandela zamemeza zathi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi; Hosana kweliphezulu.
USamuweli wasesithi ebantwini bonke: Limbonile yini amkhethileyo uJehova, ukuthi kakho onjengaye phakathi kwabantu bonke? Base bekhala bonke abantu, bathi: “Inkosi mayisindise inkosi!