UJowabe wayeseya enkosini, wayitshela; esembizile u-Abisalomu, weza enkosini, wakhothamela phansi ngobuso phambi kwenkosi; inkosi yamanga u-Abisalomu.
2 Samuweli 15:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi lapho othile esondela kuye ukuze amdumise, welula isandla sakhe, wambamba, wamanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi lapho kusondela umuntu ukuba akhuleke kuye, waselula isandla sakhe, wambamba, wamanga. IsiZulu 2020 Kwakuthi lapho kusondela noma ngubani ukuzomkhothamela, wayelula isandla sakhe, ambambe, amange. |
UJowabe wayeseya enkosini, wayitshela; esembizile u-Abisalomu, weza enkosini, wakhothamela phansi ngobuso phambi kwenkosi; inkosi yamanga u-Abisalomu.
UJowabe wasesithi kuAmasa: Uyaphila, mfowethu? UJowabe wabamba u-Amasa ngentshebe ngesandla sokunene ukuze amange.
Amazwi omlomo wakhe abushelelezi kunebhotela, kepha inhliziyo yakhe yayilwa; amazwi akhe ayethambile kunamafutha, nokho ayeyizinkemba ezihoshiwe.
Lapho ekhuluma iqiniso, ungamkholwa, ngokuba kukhona izinengiso eziyisikhombisa enhliziyweni yakhe.
Awunganganga, kepha lona wesifazane, selokhu ngingenile, akayekanga ukwanga izinyawo zami.