U-Abisalomu wabuye wathi: “O, uma ngibekwe umahluleli ezweni, ukuze wonke umuntu onecala noma udaba eze kimi, ngimenzele ubulungisa!
2 Samuweli 15:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abisalomu wathi kuye: “Bheka, izindaba zakho zinhle, zilungile; kepha akakho owabelwe inkosi ukuba akulalele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathi u-Abisalomu kuye: “Bheka, izindaba zakho zinhle, zilungile, kepha akukho muntu obekwe yinkosi ukuba akuzwe.” IsiZulu 2020 U-Absalomu bese ethi kuye: “Uyabona, indaba yakho inhle, iqondile, kodwa akukho muntu obekwe yinkosi ukuba akulalele.” |
U-Abisalomu wabuye wathi: “O, uma ngibekwe umahluleli ezweni, ukuze wonke umuntu onecala noma udaba eze kimi, ngimenzele ubulungisa!
UDavide wabusa phezu kuka-Israyeli wonke; uDavide wenza ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe.
Bakhuluma okuyize, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo, bakhuluma ngenhliziyo embaxa-mbili.
Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zande ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina, amagwababa asesigodini ayakulihlwitha, amazinyane okhozi alidle.
Bakhanyiselwa kuwe uyise nonina; umfokazi bamcindezele phakathi kwakho; kuwe bahlupha intandane lomfelokazi.
Empahleni yakhe kuyakuvela umuntu odelelayo, abangayikumnika udumo lombuso; kodwa uyongena ngokuthula futhi azuze ubukhosi ngokuthopha.
Babuthana ngokumelene noMose no-Aroni, bathi kubo: “Zithatheleni nina, lokhu inhlangano yonke ingcwele, yilowo nalowo kubo, noJehova uphakathi kwabo; ngalokho niziphakamisa phezu kwebandla leNkosi na?
Ngokuba uNkulunkulu wayala ngokuthi: “Yazisa uyihlo nonyoko,” nokuthi: “Othuka uyise noma unina makafe nokufa.
Hloniphani abantu bonke. Thandani ubuzalwane. Mesabeni uNkulunkulu. Hlonipha inkosi.
Kodwa ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokungcola, bedelela ukubusa. Bayagabadela, bazicabangela bona, abesabi nokukhuluma kabi ngezithunzi;