Wathi kubo: “Usaphilile na?” Base bethi: “Uyaphila; bheka, uRaheli indodakazi yakhe uyeza nezimvu.”
2 Samuweli 11:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Uriya esefikile kuye, uDavida wambuza ukuthi kwakunjani kuJowabi, lokuthi abantu baqhuba njani, lokuthi impi iphumelele njani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Esefikile kuye u-Uriya, uDavide wabuza kuye impilo yakhe, nempilo yabantu, nokuthi impi ihamba kanjani. IsiZulu 2020 U-Uriya wafika kuye, uDavide wayesebuza ukuthi unjani uJowabe, nokuthi impi ihamba kanjani. |
Wathi kubo: “Usaphilile na?” Base bethi: “Uyaphila; bheka, uRaheli indodakazi yakhe uyeza nezimvu.”
Wathi kuye: “Hamba, ubheke ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi; futhi ungilethele izwi futhi. Wamthuma esuka esigodini saseHebroni, wafika eShekemi.
UDavida wasethumela kuJowabi esithi: Thumela kimi uUriya umHethi. UJowabe wayesethuma u-Uriya kuDavide.
UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe, wakhothama, wamanga; babuzana ukuphila kwabo; bangena etendeni.
UDavide wayishiya inqola yakhe esandleni sabalindi, wagijimela ebuthweni, wafika wabingelela abafowabo.