Kepha u-Uriya walala ngasemnyango wendlu yenkosi kanye nazo zonke izinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe.
2 Samuweli 11:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide wambiza, wadla, waphuza phambi kwakhe; wadakwa, kwathi kusihlwa waphuma ukuba alale embhedeni wakhe nezinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Esebiziwe nguDavide wadla waphuza phambi kwakhe; wamdakisa; kusihlwa waphuma ukuyolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi, kepha akehlelanga endlini yakhe. IsiZulu 2020 UDavide wambiza futhi, wadla phambi kwakhe, waphuza waze wadakwa, waphuma ebusuku wayolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi, akazange ehlele endlini yakhe. |
Kepha u-Uriya walala ngasemnyango wendlu yenkosi kanye nazo zonke izinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe.
Wayesethi u-Abisalomu: “Uma kungenjalo, umfowethu u-Amnoni makahambe nathi.” Inkosi yasisithi kuye: Kungani kufanele ahambe lawe?
UMozisi wasesithi kuAroni: Lababantu benzeni kuwe ukuthi uzehlisele phezu kwabo isono esikhulu kangaka?
Iwayini liyisideleli, uphuzo oludakayo lubanga umsindo; nokhohliswa yikho akahlakaniphile.
Ngubani onosizi? ngubani onosizi? ubani oxabene oxoxe? ngubani onamanxeba kungenasizathu na? ubani onamehlo abomvu?
Maye kuye ophuzisa umakhelwane wakhe, ombekelayo imbodlela yakho, amdakise naye, ukuze ubone ubunqunu bakhe!