Ngokuba bhekani, ngiyokwenza umhlangano wezizwe ezinkulu ukuba ukhuphuke uvela ezweni lasenyakatho futhi ukhuphukele eBabiloni; lizathathwa lapho; imicibisholo yabo iyakuba njengeyeqhawe elinamandla; akekho oyobuyela ize.
2 Samuweli 1:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Egazini lababuleweyo, emanoni amaqhawe, umnsalo kaJonathani awubuyanga, nenkemba kaSawule ayibuyanga ilambatha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Egazini lababuleweyo nasemanonini amaqhawe umnsalo kaJonathani awuphindelanga emuva, nenkemba kaSawule ayibuyelanga ize. IsiZulu 2020 Egazini lababuleweyo nasemanonini amaqhawe umnsalo kaJonathani awubuyelanga emuva ulambatha, nenkemba kaSawule yadla abaningi. |
Ngokuba bhekani, ngiyokwenza umhlangano wezizwe ezinkulu ukuba ukhuphuke uvela ezweni lasenyakatho futhi ukhuphukele eBabiloni; lizathathwa lapho; imicibisholo yabo iyakuba njengeyeqhawe elinamandla; akekho oyobuyela ize.
Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi, inkemba yami idle inyama; futhi lokhu ngegazi lababuleweyo kanye neziboshwa, kusukela ekuqaleni kokuphindisela esitheni.
USawule wathatha ubukhosi kwa-Israyeli, walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; futhi nomaphi lapho ephendukela khona, wayebahlupha.
UJonathani wakhumula ingubo ayeyigqokile, wayinika uDavide, nezingubo zakhe kuze kufike enkembeni yakhe, kwaze kwafika kumnsalo wakhe, nasebhandeni lakhe.