Khona wafika eDerbe naseListra; bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, uThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane ongumJuda okholiweyo; kepha uyise wayengumGreki.
2 kuThimothewu 1:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 kuThimothewu, indodana yami ethandekayo: Makube umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kuThimothewu, umntwana othandekayo: Makube kuwe umusa, nobubele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu. IsiZulu 2020 kuThimothewu umntwana othandekayo: makube kuwe umusa, ububele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKhristu uJesu iNkosi yethu. Baasraak Zulu New Testament Bible kuThimothewu, indodana yami ethandekayo: Makube umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu. |
Khona wafika eDerbe naseListra; bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, uThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane ongumJuda okholiweyo; kepha uyise wayengumGreki.
kubo bonke abaseRoma, abathandekayo bakaNkulunkulu, ababizelwe ukuba ngabangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
Bathandekayo, ningaziphindiseli nina, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela; ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.
Ngalokho ngithumele kini uThimothewu, oyindodana yami ethandekayo nethembekile eNkosini, oyakunikhumbuza izindlela zami ezikuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke.
Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, intokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa bami.
kuThimothewu, indodana yami uqobo ekukholweni: Makube umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu noKristu Jesu iNkosi yethu.
kuThithu, indodana yami uqobo ngokokholo esiluhlanganisile: Makube umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu uMsindisi wethu.
silindele ithemba elibusisiweyo, nokubonakala kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu;
Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.