Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezolo lapho isiphelile, nanjengomlindo wasebusuku.
2 kaPetru 3:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa, bathandekayo, ningayikhohlwa lento eyodwa, ukuthi usuku olulodwa eNkosini lunjengeminyaka eyinkulungwane, neminyaka eyinkulungwane injengosuku olulodwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kodwa, bathandekayo, maningakhohlwa lento inye yokuthi kuyo iNkosi usuku lunye lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye. IsiZulu 2020 Bathandekayo, nize ningakhohlwa yilokhu okukodwa qwaba, ukuthi usuku lunye eNkosini lunjengeminyaka eyinkulungwane, nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa, bathandekayo, ningayikhohlwa lento eyodwa, ukuthi usuku olulodwa eNkosini lunjengeminyaka eyinkulungwane, neminyaka eyinkulungwane injengosuku olulodwa. |
Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezolo lapho isiphelile, nanjengomlindo wasebusuku.
Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo; ukuthi ukuphuphutheka kwehlele uIsrayeli ngokwengxenye, kuze kungene ukugcwala kwabezizwe.
Phezu kwalokho, bazalwane, angithandi ukuba ningazi, ukuthi obaba bonke babephansi kwefu, badabula ulwandle bonke;
Le ncwadi yesibili, bathandekayo, nginilobela yona manje; kukho kokubili engivusa ingqondo yenu ehlanzekileyo ngokunikhumbuza;