Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




2 kaPetru 1:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ngakho siphiwe izithembiso ezinkulu kakhulu leziligugu, ukuze ngalezo libe ngabahlanganyeli bemvelo yobuNkulunkulu, libalekele ukonakala okusemhlabeni ngenkanuko.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

esiphiwe ngakho izithembiso eziyigugu nezikhulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha okusezweni ngezinkanuko,

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

aniphe ngakho izithembiso eziyigugu nezinkulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli besimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha ngezinkanuko okusezweni.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngakho siphiwe izithembiso ezinkulu kakhulu leziligugu, ukuze ngalezo libe ngabahlanganyeli bemvelo yobuNkulunkulu, libalekele ukonakala okusemhlabeni ngenkanuko.

Uka jalj uñjjattʼäta



2 kaPetru 1:4
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Obani abangama-Israyeli; okungokwabo ukuma kwabantwana, nenkazimulo, nezivumelwano, nokunikwa komthetho, nenkonzo kaNkulunkulu, nezithembiso;


Ngokuba zonke izithembiso zikaNkulunkulu kuye zinguyebo, futhi kuyena zingu-Amen, kube inkazimulo kaNkulunkulu ngathi.


Kepha thina sonke esibuka ngobuso obembuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni, siyaguqulwa sifane naye sisuka enkazimulweni siye enkazimulweni, njengalokhu sikuye uMoya weNkosi.


Ngalokho phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi, ningathinti okungcolileyo; futhi ngizokwamukela,


Manje izithembiso zenziwa ku-Abrahama nasenzalweni yakhe. Akasho ukuthi: Nasezinzalweni, kungathi ngeziningi; kodwa kungathi ngeyodwa: Nasenzalweni yakho enguKristu.


Ngokuba ohlwanyelela enyameni yakhe uyakuvuna ukonakala enyameni; kodwa ohlwanyelela kuMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.


size sifike sonke ebunyeni bokukholwa, lobolwazi lweNdodana kaNkulunkulu, endodeni epheleleyo, esilinganisweni sobukhulu bokugcwala kukaKristu.


sembathe umuntu omusha, owenziwa musha ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo;


Ngokuba bona basilaya izinsukwana njengokuthanda kwabo; kodwa yena kube yinzuzo yethu, ukuze sihlanganyele ubungcwele bakhe.


Ngakho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esitsha, ukuze kuthi ekufeni kube kuhlengwa eziphambekweni ngaphansi kwesivumelwano sokuqala, ababiziweyo bamukele isithembiso sefa eliphakade.


Inkolo ehlanzekileyo nengangcolile phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina engenabala kulomhlaba.


USimoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuze ukholo oluligugu olufana nolwethu ngokulunga kukaNkulunkulu noMsindisi wethu uJesu Kristu:


Kepha thina ngokwesithembiso sakhe silindele amazulu amasha nomhlaba omusha okuhlala kukho ukulunga.


INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi ukulibala; kodwa uyasibekezelela, engathandi ukuthi kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.


Yilesi isithembiso asithembisa sona: ukuphila okuphakade.


Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho; ngoba sizambona njengoba enjalo.