Ukuphila kwami kumuka, kwamuka kimi njengetende lomalusi; njengomluki nginqume ukuphila kwami; ngesifo sobuhlungu uyakunginquma; kusukela emini kuze kube sebusuku uyakungiqeda.
2 kaPetru 1:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yebo, ngibona kufanele ukuthi, nxa ngisekuleli dokodo, nginivuse ngokunikhumbuza; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngithi kufanele, nxa ngisekhona kuleli dokodo, nginivuse ngokunikhumbuza, IsiZulu 2020 Ngibona kufanele, inqobo nje uma ngisaphila kuleli dokodo, ukuba nginivuselele ngokunikhumbuza, Baasraak Zulu New Testament Bible Yebo, ngibona kufanele ukuthi, nxa ngisekuleli dokodo, nginivuse ngokunikhumbuza; |
Ukuphila kwami kumuka, kwamuka kimi njengetende lomalusi; njengomluki nginqume ukuphila kwami; ngesifo sobuhlungu uyakunginquma; kusukela emini kuze kube sebusuku uyakungiqeda.
UJehova wawuvusa umoya kaZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nomoya kaJoshuwa, indodana kaJehosadeki, umpristi omkhulu, nomoya wayo yonke insali yabantu; beza, basebenza endlini kaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo;
njengokuba kufanele ukuba ngikucabangele lokhu nonke, ngokuba nginenu enhliziyweni yami; njengoba naseziboshweni zami, nasekuvikeleni nasekuqiniseni ivangeli, nina nonke ningabahlanganyeli bomusa wami.
ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngifaniswe nokufa kwakhe;
Ngalokho ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikuwe ngokubeka izandla zami.
Khumbulani ababoshiweyo ngokungathi niboshiwe kanye nabo; nabaphathwa kabi, njengokuba nani nisemzimbeni.
Ngakho-ke angiyikuyekela ukunikhumbuza njalo ngalezi zinto, nakuba nizazi, niqiniswa eqinisweni elikhona.
ngazi ukuthi masinyane ngimele ukulisusa leli dokodo lami, njengalokho iNkosi yethu uJesu Kristu yangibonisa.
Le ncwadi yesibili, bathandekayo, nginilobela yona manje; kukho kokubili engivusa ingqondo yenu ehlanzekileyo ngokunikhumbuza;