Base benyukela emzini, bengena emzini, uSamuweli waphuma ukuwahlangabeza ekhuphukela endaweni ephakemeyo.
Benyukela emzini; besangena emzini, bheka, uSamuweli waphumela kubo ukuyakwenyukela endaweni ephakemeyo.
Benyukela emzini; kuthe besangena khona, uSamuweli wazithela kubo, lapho ephuma enyukela endaweni ephakemeyo.
Ngokushesha nje lapho ningena emzini, niyomthola masinyane ngaphambi kokuba akhuphukele endaweni ephakeme ukuze adle; ngoba abantu abayikudla aze afike, ngoba ubusisa umhlatshelo; ngasemuva badla abamenyiweyo. Sukuma manje; ngoba ngalesisikhathi lizamthola.
UJehova wamtshela uSamuweli endlebeni yakhe ngosuku olwandulela ukufika kukaSawule, wathi: