Kwaphuma kanye no-Abisalomu amadoda angamakhulu amabili abebiziwe eJerusalema; futhi bahamba ngobulula babo, futhi babengazi lutho.
1 Samuweli 9:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokushesha nje lapho ningena emzini, niyomthola masinyane ngaphambi kokuba akhuphukele endaweni ephakeme ukuze adle; ngoba abantu abayikudla aze afike, ngoba ubusisa umhlatshelo; ngasemuva badla abamenyiweyo. Sukuma manje; ngoba ngalesisikhathi lizamthola. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ekungeneni kwenu emzini niyakumfumana, engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla; ngokuba abantu abayikudla engakafiki, lokhu nguye obusisa umhlatshelo, andukuba abamenyiweyo badle. Ngalokho-ke, khuphukani manje, ngokuba niyakumfumana ngalesi sikhathi.” IsiZulu 2020 Lapho ningena nje emzini niyomfumana, engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla; ngokuba nabantu abayukudla engakafiki, ngoba nguye obusisa umhlatshelo andukuba abamenyiweyo badle. Khuphukani khona manje, nizomthola ngalesi sikhathi.” |
Kwaphuma kanye no-Abisalomu amadoda angamakhulu amabili abebiziwe eJerusalema; futhi bahamba ngobulula babo, futhi babengazi lutho.
Wayala isixuku ukuba sihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.
Kwathi besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi, wathi: Thathani, lidle; lokhu kungumzimba wami.
Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi bakhe, ukuba bazibeke phambi kwabo; lezinhlanzi ezimbili wababela bonke.
Kwasekusithi ehlezi labo ekudleni, wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika.
Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babeke phambi kwesixuku.
UJesu wathatha izinkwa; esebongile wababela ababehlezi phansi; kanjalo nezinhlanzi ngokuthanda kwabo.
(Kepha kwafika eminye imikhumbi evela eTiberiya eduze nendawo lapho ababedle khona isinkwa, ngemva kokuba iNkosi ibongile.)
Ngoba sonke isidalwa sikaNkulunkulu sihle, kakulahlwa lutho, uba samukelwe ngokubonga;
Ngiyakuzivusela umpristi othembekileyo oyakwenza njengokusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinile; futhi uyohamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade.
Base benyukela emzini, bengena emzini, uSamuweli waphuma ukuwahlangabeza ekhuphukela endaweni ephakemeyo.