Wayesethi uMose: “Kuyakuthi uma uJehova eninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nesinkwa ekuseni nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa ukububula kwenu ngaye. Futhi siyini? anikhononi ngathi, kepha niphikisana neNkosi.
1 Samuweli 8:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 INkosi yasisithi kuSamuweli: Lalela ilizwi labantu kukho konke abakutsho kuwe, ngoba kabakulahlanga wena, kodwa bangilahlile mina, ukuze ngingabi yinkosi phezu kwabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labantu kukho konke abakushoyo kuwe, ngokuba akusuwe abakulahlileyo, kepha balahle mina, ukuze ngingabi yinkosi phezu kwabo. IsiZulu 2020 USimakade wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labantu kukho konke abakusho kuwe, ngokuba akuwena abakulahlayo, kodwa balahle Mina, ukuba ngingabe ngisaba yinkosi phezu kwabo. |
Wayesethi uMose: “Kuyakuthi uma uJehova eninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nesinkwa ekuseni nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa ukububula kwenu ngaye. Futhi siyini? anikhononi ngathi, kepha niphikisana neNkosi.
Futhi ngiyokhetha iziphambeko zabo ngehlisele phezu kwabo usizi lwabo; ngokuba lapho ngibiza, akwaphendula muntu; lapho ngikhuluma, abalalelanga, kodwa benza okubi emehlweni ami, bakhetha lokho engingathokozi ngakho.
Ekupheleni kweminyaka eyisikhombisa liyakukhulula, kube yilowo nalowo umfowabo, umHeberu owathengiswa kuwe; uma ekusebenzele iminyaka eyisithupha, uyakumkhulula kuwe;
Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, esizweni esihlubukayo esingihlubukileyo; bona naboyise baphambukile kimi kuze kube namuhla.
Kodwa indlu kaIsrayeli kayiyikulalela; ngoba kabayikungilalela, ngoba yonke indlu kaIsrayeli ilukhuni lenhliziyo elukhuni.
UNkulunkulu wafika kuBileyamu ebusuku, wathi kuye: “Uma la madoda efika ukukubiza, sukuma uhambe nawo; kodwa nokho izwi engizolikhuluma kini nize nilenze.
Ya le utlwang o a nkutlwa; mme ya le nyatsang, o a nyedisa nna; mme ya nnyatsang, o nyedisa ya nthomileng.
Kepha izakhamuzi zakhe zazimzonda, zathuma amanxusa emva kwakhe, zithi: “Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.
Kodwa lezozitha zami ezazingathandanga ukuthi ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, lizibulale phambi kwami.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo; futhi othunyiweyo mkhulu kunalowo omthumileyo.
Wayesethi uGideyoni kubo: “Angiyikunibusa, nendodana yami ayiyikunibusa; uJehova uyakubusa phezu kwenu.
Nina nimlahlile namuhla uNkulunkulu wenu, owanisindisa kuzo zonke izinhlupheko zenu nezinsizi zenu; laselisithi kuye: Hatshi, kodwa sibekele inkosi phezu kwethu. Manje zimiseni phambi kukaJehova ngokwezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.
USamuweli wasesithi kuIsrayeli wonke: Khangelani, ngilalele ilizwi lenu kukho konke elakutsho kimi, njalo ngilibekile inkosi phezu kwenu.
Lapho nibona ukuthi uNahashi, inkosi yabantwana bakwa-Amoni, uyeza ukulwa nani, nathi kimi: ‘Qha; kepha inkosi iyakusibusa, lapho uJehova uNkulunkulu wenu eyinkosi yenu.
UJehova wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labo, ubenzele inkosi.” Wayesethi uSamuweli kubantu bakwa-Israyeli: “Hambani, kube yilowo nalowo emzini wakubo.”
Njengemisebenzi yonke abayenzayo kusukela osukwini engabakhuphula ngalo eGibithe kuze kube yilolu suku abangishiya ngalo, bakhonza abanye onkulunkulu, benza kanjalo nakini.