Wathi kowesifazane: “Ngiyakwandisa kakhulu usizi lwakho nokukhulelwa kwakho; ngosizi uyakuzala abantwana; ukufisa kwakho kuyakuba sendodeni yakho, yona izokubusa.
1 Samuweli 4:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umalokazana wakhe, umkaFinehasi, wayekhulelwe, esezakubeletha; lapho ezwa umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe nokuthi uyisezala nomyeni wakhe bafile, wakhothama wabeletha; ngoba ubuhlungu bakhe behlela phezu kwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umalokazana wakhe, umkaFinehasi, wayekhulelwe esezakubeletha; esezwile umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe nokuthi kufile uyisezala nomyeni wakhe, wakhonkobala, wabeletha, ngokuba wafikelwa yimihelo. IsiZulu 2020 Umalokazana wakwakhe, umkaFinehasi, wayekhulelwe esezobeletha, kwathi ukuba ezwe umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe, nokuthi uyisezala nomyeni wakhe bafile, wakhonkobala, wafikelwa yimihelo, wabeletha. |
Wathi kowesifazane: “Ngiyakwandisa kakhulu usizi lwakho nokukhulelwa kwakho; ngosizi uyakuzala abantwana; ukufisa kwakho kuyakuba sendodeni yakho, yona izokubusa.
Kwasekusithi esobelethweni olunzima, umbelethisi wathi kuye: Ungesabi; nawe uzoba nayo lendodana.
Ngiyakwenza le ndlu ibe njengeShilo, ngenze lo muzi ube yisiqalekiso kuzo zonke izizwe zomhlaba.
Esekhulume ngomphongolo kaNkulunkulu, wawa nyovane esihlalweni esingasesangweni, yaphuka intamo, wafa, ngokuba wayeyindoda endala enzima. Futhi wahola u-Israyeli iminyaka engamashumi amane.
Kwathi ngesikhathi sokufa kwakhe abesifazane ababemi khona bathi kuye: “Ungesabi; ngoba uzele indodana. Kodwa akazange aphendule, futhi akazange akucabange lokho.