Ukuze yonke inyama yazi ukuthi mina, Jehova, ngiyikhiphile inkemba yami emgodleni wayo; ngeke ibuye.
1 Samuweli 3:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalolo suku ngiyakumenzela u-Eli konke engikukhulume ngendlu yakhe; uma ngiqala, ngizoqeda futhi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalolo suku ngiyakumehlisela u-Eli konke engikukhulumile ngendlu yakhe, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni. IsiZulu 2020 Ngalolo lusuku ngiyakumehlisela u-Eli konke engamtshela ngakho mayelana nendlu yakhe, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni. |
Ukuze yonke inyama yazi ukuthi mina, Jehova, ngiyikhiphile inkemba yami emgodleni wayo; ngeke ibuye.
Kepha amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi, akubambanga yini koyihlo na? babuya, bathi: “Njengokuba uJehova Sebawoti wayehlosile ukwenza kithi njengezindlela zethu nezenzo zethu, wenze njalo kithi.
UNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga; nendodana yomuntu ukuba iphenduke; wathi futhi ngeke? noma ukhulumile angalungisi na?
Kuyakuthi-ke, njengalokho konke okuhle uJehova uNkulunkulu wenu akuthembisa khona, sekukwehlele; ngakho uJehova uyakwehlisela phezu kwakho konke okubi, aze akubhubhise kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona.
Isandla sabantwana bakwa-Israyeli saqhubeka saba namandla phezu kukaJabini inkosi yaseKhanani baze bamchitha uJabini inkosi yaseKhanani.
Umphongolo kaNkulunkulu wathathwa; amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, abulawa.
Isithunywa saphendula sathi: “U-Israyeli wabaleka phambi kwamaFilisti, futhi kwaba khona ukubulala okukhulu phakathi kwabantu, namadodana akho omabili, oHofini noFinehasi, afile, nomphongolo kaNkulunkulu wathathwa.”
Wabiza umfana u-Ikabodi, wathi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli, ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe nangenxa kayisezala nomyeni wakhe.”
Wathi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli, ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.”