Kwasekufika okhululiweyo, wabikela uAbrama umHebheru; ngokuba wayehlala e-okini kaMamre umAmori, umfowabo ka-Eshikoli nomfowabo ka-Anere; futhi bahlobana no-Abrama.
1 Samuweli 29:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Zase zithi izikhulu zamaFilisti: “Enzani la maHeberu lapha na? U-Akhishi wayesethi ezikhulwini zamaFilisti: “Lo akasiye uDavide inceku kaSawule, inkosi yakwa-Israyeli, obe nami kulezi zinsuku noma le minyaka, futhi angitholanga cala kuye selokhu wangiwela? lolu suku? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Zase zithi izikhulu zamaFilisti: “Ayini lawa maHeberu na?” U-Akhishi wathi kuzo izikhulu zamaFilisti: “Akusiye uDavide inceku kaSawule inkosi yakwa-Israyeli okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.” IsiZulu 2020 Base bethi abakhuzi bempi yamaFilisti: “Afunani lawa maHebheru lapha na?” U-Akhishi wathi kubo abakhuzi bempi yamaFilisti: “Akusiye yini uDavide, inceku kaSawule, inkosi yakwa-Israyeli, okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.” |
Kwasekufika okhululiweyo, wabikela uAbrama umHebheru; ngokuba wayehlala e-okini kaMamre umAmori, umfowabo ka-Eshikoli nomfowabo ka-Anere; futhi bahlobana no-Abrama.
Abanye bakwaManase bawela kuDavide ekufikeni kwakhe namaFilisti ukulwa noSawule; kodwa abazange babasize; ngokuba izikhulu zamaFilisti zameluleka ngokuthi: “Uyakuyibeka engozini uSawule inkosi yakhe.” zamakhanda ethu.
Esaya eSikilagi, u-Adina noJosabadi noJediyayeli noMikayeli noJosabadi no-Elihu noSilithayi, izinduna zezinkulungwane zakwaManase, bamhlasela.
Lawa madoda athi: “Asiyikuthola cala ngalo Daniyeli, ngaphandle kokuthi silithole kuye ngenxa yomthetho kaNkulunkulu wakhe.”
Kwathi abapristi abakhulu nezikhonzi bembona, bamemeza bathi: “Mbethele, mbethele esiphambanweni! UPilatu wathi kubo: “Mthatheni nina, nimbethele, ngokuba mina angitholi cala kuye.
Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi. Yenzani izinto eziqotho phambi kwabantu bonke.
Lilonembeza omuhle; ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, bajabhe labo abaqamba amanga ukuziphatha kwenu okuhle kuKristu.
Base bezibonakalisa bobabili endaweni yabalindi yamaFilisti; amaFilisti athi: “Bheka, amaHeberu aphuma emigodini abecashe kuyo.”
Xolela isiphambeko senceku yakho, ngokuba uJehova uyakuyenzela inkosi yami indlu; ngokuba inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova, akufunyanwanga okubi kuwe zonke izinsuku zakho.
UDavida wasesithi enhliziyweni yakhe: Ngolunye usuku ngizabhubha ngesandla sikaSawuli; uSawule uyakudangala ngami ukungifuna ezindaweni zonke zakwa-Israyeli; ngakho ngiyakuphunyuka esandleni sakhe.
Isikhathi sokuhlala kukaDavide ezweni lamaFilisti sasingumnyaka nezinyanga ezine.
U-Akhishi wayesembiza uDavide, wathi kuye: “Ngempela, kuphila kukaJehova, wena ulungile, nokuphuma kwakho nokungena kwakho nami empini kuhle emehlweni ami; ngokuba angifumananga bubi kuwe kusukela osukwini lokufika kwakho kimi kuze kube namuhla;
Lapho amaFilisti esizwa izwi lokukhamuluka athi: “Uthini umsindo walokhu kumemeza okukhulu ekamu lamaHeberu na?” Base beqonda ukuthi umphongolo kaJehova ufikile ekamu.