1 Samuweli 28:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho uSawule ebona impi yamaFilisti, wesaba, inhliziyo yakhe yathuthumela kakhulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapho uSawule ebona impi yamaFilisti, wesaba, inhliziyo yakhe yathuthumela kakhulu. IsiZulu 2020 USawule ebona impi yamaFilisti, wesaba, inhliziyo yakhe yathuthumela kakhulu. |
Yeka indlela ababhujiswa ngayo ngokuphazima kweso! baqedwa ngokuphelele yingebhe.
Kwabikelwa indlu kaDavide, kwathiwa: “I-Aramu ihlangene no-Efrayimi.” Inhliziyo yakhe yanyakaziswa, nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yehlathi inyakaziswa ngumoya.
Khona-ke ubuso benkosi bashintsha, futhi imicabango yayo yamethusa, kwaze kwaxebuka amalunga ezinkalweni zayo namadolo ayo ashayana.
AmaFilisti abuthana, eza amisa inkamba eShunemi; uSawule wabutha wonke u-Israyeli, wamisa eGilibowa.
Lapho uSawule ebuza kuJehova, uJehova akamphendulanga, kungengamaphupho, nange-Urimi, nangabaprofethi.