Ingelosi eyangikhulula ebubini bonke ibusisa abafana; igama lami malibizwe phezu kwabo negama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; futhi mabakhule babe yisixuku phakathi komhlaba.
1 Samuweli 26:24 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, njengoba nje umphefumulo wakho unqunyiwe emehlweni ami kuze kube namuhla, kanjalo umphefumulo wami mawuqine phambi kukaJehova, futhi makangisindise kuzo zonke izinhlupheko. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Futhi bheka, njengalokho ukuphila kwakho kwakukukhulu ngalolo suku emehlweni ami, ukuphila kwami makube kukhulu emehlweni kaJehova, yena angophule ekuhluphekeni konke.” IsiZulu 2020 Futhi bheka, njengoba ukuphila kwakho kube kukhulu emehlweni ami namuhla, ukuphila kwami makube kukhulu emehlweni kaSimakade; makangisindise ekuhluphekeni konke.” |
Ingelosi eyangikhulula ebubini bonke ibusisa abafana; igama lami malibizwe phezu kwabo negama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; futhi mabakhule babe yisixuku phakathi komhlaba.
UDavide wabaphendula uRekabi noBahana umfowabo, amadodana kaRimoni waseBeyeroti, wathi kubo: “Kuphila kukaJehova owuhlengile umphefumulo wami osizini lonke!
Umusa wami nenqaba yami; umbhoshongo wami ophakeme nomsindisi wami; isihlangu sami nalowo engimethembayo; othobisa abantu bami phansi kwami.
Kumholi wokuhlabelela, iHubo likaDavide, inceku kaJehova, owakhuluma amazwi alelihubo kuJehova mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule: Wathi: Ngizakukuthanda, Jehova, mandla ami.
Uyangikhulula ezitheni zami, yebo, uyangiphakamisa phezu kwabangivukelayo; Wangikhulula kumcindezeli.
Ngoba ungisindisile kuzo zonke izinhlupheko, leso lami libonile ukulangazela izitha zami.
Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho; nesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.
beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.
Nokuba sikhululwe kubantu abangenangqondo nababi, ngokuba ukukholwa akusibo bonke.
Ngathi kuye: Nkosi, nguwe owaziyo. Yathi kimi: Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.
Zase ziphuma izikhulu zamaFilisti, zaphuma, uDavide waziphatha ngokuhlakanipha ngaphezu kwazo zonke izinceku zikaSawule; ukuze igama lakhe libe likhulu.
UDavide eseqedile ukukhuluma lawo mazwi kuSawule, uSawule wathi: “Yizwi lakho leli, ndodana yami Davide? USawule waphakamisa izwi lakhe, wakhala.