Esesondele ukungena eGibithe, wathi kuSarayi umkakhe: “Bheka, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle obukekayo.
1 Samuweli 25:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Igama lalowo muntu lalinguNabali; igama lomkakhe lalingu-Abigayili; futhi wayengowesifazane onengqondo enhle futhi ebukekayo; wayengowendlu kaKalebi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Igama lalowo muntu lalinguNabali; igama lomkakhe lalingu-Abigayili; owesifazane wayehlakaniphile, ebukeka emuhle, kepha indoda yayilukhuni inobubi emisebenzini yayo; yayingekaKalebi. IsiZulu 2020 Igama lalowo muntu kwakunguNabali, umkakhe kungu-Abhigayili, engowesifazane okhaliphile, futhi emuhle, kodwa indoda yakhe yayilukhuni, inenkohlakalo emisebenzini yayo; yayingeyomndeni kaKhalebhu. |
Esesondele ukungena eGibithe, wathi kuSarayi umkakhe: “Bheka, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle obukekayo.
Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa kwenhliziyo yakhe, abusise ohahayo, uJehova amzondayo.
Wonke owesifazane ohlakaniphileyo uyakha indlu yakhe, kepha oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.
UKalebi indodana kaJefune wanika uJoshuwa isabelo phakathi kwabantwana bakoJuda, njengesiyalezo sikaJehova kuJoshuwa, umuzi ka-Arba, uyise kaEnaki, eyiHebroni.
Yazi manje, unake lokho ozakukwenza; ngoba ngokuqinisekile ububi bumelene nenkosi yethu naphezu kwayo yonke indlu yayo, ngoba iyindodana kaBheliyali kangangokuthi akekho ongakhuluma nayo.
Inkosi yami mayingamnaki lo muntu omubi, uNabali, ngokuba njengegama lakhe unjalo; nguNabali igama lakhe, nobuwula bukuye; kepha mina nceku yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami owazithuma.
Sahlasela eningizimu yamaKrethe, nasogwini lwakwaJuda, naseningizimu yakwaKalebi; sayishisa iSikilagi ngomlilo.