1 Samuweli 23:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide nabantu bakhe baya eKehila, balwa namaFilisti, bathumba izinkomo zawo, bawabulala ngokuceka okukhulu. Kanjalo uDavide wabasindisa abakhileyo eKehila. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide nabantu bakhe baya eKeyila, balwa namaFilisti, bathumba izinkomo zawo, bawaceka ngokuceka okukhulu. Wayesebasindisa uDavide abaseKeyila. IsiZulu 2020 UDavide namabutho akhe baya eKheyila, balwa namaFilisti, badla izinkomo zawo, bawashaya bawaqothula. Wayesezihlenga uDavide izakhamuzi zaseKheyila. |
Kwabuye kwaba khona impi, uDavide waphuma walwa namaFilisti, wawabulala ngokuceka okukhulu; bambalekela.
UDavida wasephinda wabuza kuJehova. UJehova wamphendula, wathi: “Suka wehlele eKehila; ngokuba ngiyakuwanikela amaFilisti esandleni sakho.
Lapho u-Abiyathara indodana ka-Ahimeleki ebaleka ngemva kukaDavide eKehila, wehla ephethe indwangu ehlombe esandleni sakhe.