1 Samuweli 21:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Washintsha ukuziphatha kwakhe phambi kwabo, wazihlanyisa ezandleni zabo, wanwaya ezicabheni zesango, wavumela amathe awela esilevini sakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Waguquka ingqondo phambi kwabo, wazenza ohlanyayo ezandleni zabo, wadweba ezivalweni zamasango, wehlisela amathe esilevini. IsiZulu 2020 Ngakho-ke wayiguqula indlela aziphethe ngayo phambi kwabo, wenza sengathi ingqondo yakhe iphambene ngesikhathi ephambi kwabo. Wadweba ezivalweni zamasango, wagxiza amathe, ehla ngesilevu. |
Ngempela, ukucindezela kuyahlanyisa ohlakaniphileyo; futhi isipho sichitha inhliziyo.
Mina nginguye oniduduzayo: ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe njengotshani;
Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawa mazwi omFilisti, bethuka, besaba kakhulu.
U-Akhishi wayesethi ezincekwini zakhe: “Bhekani, niyabona ukuthi lo muntu uyahlanya; pho, nimletheleni kimi na?