1 Samuweli 20:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uma esho kanje: “Kuhle; inceku yakho iyakuba nokuthula, kepha uma ithukuthela kakhulu, yazi-ke ukuthi inqunyelwe okubi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma esho ukuthi: ‘Kulungile,’ inceku yakho iyakuba nokuthula; kepha uma ethukuthela, yazi-ke ukuthi unqume okubi. IsiZulu 2020 Uma uyihlo ethi: ‘Kulungile,’ inceku yakho iyobe iphephile, kodwa uma ethukuthela ebila, uyokwazi ukuthi usophe ukuyenzakalisa. |
Inkosi yasukuma ngolaka lwayo edilini lewayini, yaya ensimini yesigodlo; uHamani wasukuma ukuba acele ukuphila kwakhe ku-Esteri inkosikazi; ngoba wabona ukuthi inkosi yayinqume okubi phezu kwakhe.
Lalunga-ke leli zwi kimi; ngathatha kini amadoda ayishumi nambili, yanye esizweni.
USawule wamjikijela ngomkhonto ukuba amgwaze, uJonathani wazi ukuthi uyise unqume ukumbulala uDavide.
UJonathani wathi: “Makube kude nawe, ngokuba uma bengazi impela ukuthi ububi unqume ukwehlela phezu kwakho, bengingayikukutshela na?”
Yazi manje, unake lokho ozakukwenza; ngoba ngokuqinisekile ububi bumelene nenkosi yethu naphezu kwayo yonke indlu yayo, ngoba iyindodana kaBheliyali kangangokuthi akekho ongakhuluma nayo.