Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Kusayakuba khona amaxhegu nezalukazi ezitaladini zaseJerusalema, kube yilowo nalowo nodondolo lwakhe esandleni sakhe iminyaka eminingi.
1 Samuweli 2:32 - Contemporary Zulu Bible 2024 bhekani endlini yami kukho konke okuhle uNkulunkulu ayakunika u-Israyeli; futhi kakuyikuba khona ixhegu endlini yakho kuze kube phakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakubona ukuhlupheka kwendlu yami kukho konke okuhle ayakwenzelwa khona u-Israyeli; akuyikubakho xhegu endlini yakho kuze kube phakade. IsiZulu 2020 futhi uyakukubona ukuhlupheka kwendlu yami. Nakuba konke okuhle kuyakwenzelwa u-Israyeli, kodwa akuyukuba bikho ngwevu endlini yakho, kuze kube phakade. |
Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Kusayakuba khona amaxhegu nezalukazi ezitaladini zaseJerusalema, kube yilowo nalowo nodondolo lwakhe esandleni sakhe iminyaka eminingi.
Umuntu wakini engingayikumbhubhisa kumama, uyakuqeda amehlo akho, enze inhliziyo yakho ibe lusizi;
Umphongolo kaNkulunkulu wathathwa; amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, abulawa.
Wathi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli, ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.”
Abantu basebethumela eShilo ukuletha khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova Sebawoti ohlezi phakathi kwamakherubi; amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, ayelapho nomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.