UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yammisa phezu kwendlu yayo, nakho konke eyayinakho yakunikela esandleni sakhe.
1 Samuweli 2:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umntwana uSamuweli wakhula, wathandeka kuJehova nakubantu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula, waba muhle kuJehova nakubantu. IsiZulu 2020 Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula, waba muhle kuSimakade nakubantu. |
UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yammisa phezu kwendlu yayo, nakho konke eyayinakho yakunikela esandleni sakhe.
Ungaphelelwa umusa nokuthembeka; zibophe entanyeni yakho; kulobe esibhebheni senhliziyo yakho.
Umntwana wakhula, waba namandla emoyeni; wayesezinkangala kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe kuIsrayeli.
Umntwana wakhula, waba namandla, egcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.
UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni nasekukhuleni nasekuthandeni uNkulunkulu nakubantu.
Bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.
Ngokuba okhonza uKristu ngalezizinto uyemukeleka kuNkulunkulu, ukholekile ebantwini.
Owesifazane wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSamsoni; wakhula umntwana, uJehova wambusisa.
UJehova wamhambela uHana, wakhulelwa, wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaJehova.
USamuweli wakhula, uJehova wayenaye, akavumelanga ukuba kuwele phansi nelilodwa lamazwi akhe.