UMose wathi ku-Aroni: “Thatha imbiza, ubeke kuyo imana, uyibeke phambi kukaJehova, igcinelwe izizukulwane zenu.
1 Samuweli 17:54 - Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide walithatha ikhanda lomFilisti, waliyisa eJerusalema; kepha izikhali zakhe wazibeka etendeni lakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wathatha ikhanda lomFilisti, waliyisa eJerusalema; kepha wafaka izikhali zakhe etendeni lakhe. IsiZulu 2020 UDavide wathatha ikhanda lomFilisti, waliyisa eJerusalema, kodwa izikhali zakhe wazifaka ethendeni lakhe. |
UMose wathi ku-Aroni: “Thatha imbiza, ubeke kuyo imana, uyibeke phambi kukaJehova, igcinelwe izizukulwane zenu.
Lapho uSawule ebona uDavide ephuma ukuhlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abineri induna yempi: “Abineri, iyindodana kabani le nsizwa na? U-Abineri wayesethi: “Kuphila komphefumulo wakho, nkosi, angikwazi ukusho.
UDavide esebuyile ekubulaleni umFilisti, u-Abineri wamthatha, wamyisa phambi kukaSawule, enekhanda lomFilisti esandleni sakhe.
Wayesethi umpristi: “Inkemba kaGoliyati umFilisti, owamnqoba esigodini sase-Ela, bheka, nansi emva kwendwangu ehlombe isongwe ngendwangu; uma uthanda ukuyithatha, yithathe; ngoba akekho omunye lapha. UDavide wathi: “Akunjalo; nginike.