Lapho wonke amadoda akwa-Israyeli eyibona le ndoda, abaleka phambi kwayo futhi esaba kakhulu.
1 Samuweli 17:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 Esakhuluma nabo, bheka, kwenyuka iqhawe, umFilisti waseGati, ogama lakhe linguGoliyati, liphuma emabuthweni amaFilisti, lakhuluma wona lawo mazwi, uDavide wawezwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha esakhuluma nabo, bheka, kwenyuka iqhawe elikhulu, umFilisti waseGati, nguGoliyati igama lalo, ephuma ezinhleni zamaFilisti, wakhuluma wona lawo mazwi; uDavide wawezwa. IsiZulu 2020 Kepha esakhuluma nabo; bheka, kwenyuka isikhondlakhondla somFilisti waseGathi, uGoliyathi igama laso, saphuma ezinhleni zamaFilisti, saphinda wona lawo mazwi; uDavide wawezwa. |
Lapho wonke amadoda akwa-Israyeli eyibona le ndoda, abaleka phambi kwayo futhi esaba kakhulu.
Kwaphuma iqhawe ekamu lamaFilisti, igama likaGoliyati waseGati, obude bakhe buyizingalo eziyisithupha nobubanzi besandla.